K.O
Dear My Love
[Intro: Xolwa]
(Stallion)
Yeah
Aw ngithi dear wedali
Nans'incwadi ivela kimi ithi- (Eshe)

[Chorus: Xowla, Siya Ntuli, Xowla & Siya Ntuli]
Aw'yithi dear my lover, nans'incwadi ivela kimi yeah yeah, yeah (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)

Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi) (Aw' dear weh sweetheart)

[Verse 1: Big Zulu]
(Aw' yey)
Sthandwa sami ngisenkompon
Mlungu ungbhekise kolon
Jean yayaz impolompon
Ng'lalengacweni yikorokoro
Ngithi dear lavo (Eshe)
Liseselud' uhambo
Sekuyoze kuphel'uthando
Mina ngizofik'ekseni sengbhul'amazolo, ah yeah
Zinjan ingan' ekhaya?
Ngangaqondil' kukushiy'ukhala
Umlung'engfuna ngingena kusasa
Solala sidlile sval'indlala
Ekseni ngovivi siqob'intaba
Sigudlu thukela kuphum'ilanga
Ndod'eqomingubo izal'ilanga
Thina sichwal'inkala siqol'umqansa
[Chorus: Xowla, Siya Ntuli, Xowla & Siya Ntuli]
Aw'yithi dear my lover, nans'incwadi ivela kimi yeah yeah, yeah (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi) (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)

[Verse 2: K.O]
Ngilan' eGoli wena usey'lalini
Ngithol' itoho la ngasemayinini
Bathi ubokubona wavela kaningi
Uzungangikhohlwa ng'yakucela mina
Aw' dear my love
Wenz'umhlolo masiselawini
Leyonkonzo engiyiswela ang'phiki
Leyonkomo ngingayifela mina
Ubong'founela mowung'khumbula (Ng'founela mowung'khumbula)
Vele akekh' omunye umuntu odlula wena
Ulova meskhuphuke ngicel' ungalinge ungilahle
Ngawel'imfula nolwandle
Stututu sami, stove sami samalahle
Ugijimis'imali kwami akung'sizi my thololo
Thando lwakho mina luyangibusisa like dululu
Fohloza lami ng'zobuya ngo June ungakhali
Ngijwayel' ulamthuthu ne-cabbage
Uthando kuphela lungeze ngithumel'incwadi
[Chorus: Xowla, Siya Ntuli, Xowla & Siya Ntuli]
Aw'yithi dear my lover, nans'incwadi ivela kimi yeah yeah, yeah (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi) (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)

[Verse 3: Big Zulu]
Namanje ngisemaketangeni
Qhatha litshele likheth' umndeni
Ndaba kude le emazweni
Bang'biz' ishingi inkuzi yombhemu
Ngithi dear lavo, woah
Alinampungul'unyawo, dali wami
Usawukhumbul' umshado, emazweni?
Ngangithi mangihamba ung'nik' umphalo (Woh, eshe)
Linjan'ilanga emasimini?
La ngitshele lishon'emini
Manz'inhlabathi k'khal' ipiki
Birthday ka-boy ingo Lwesibili
Uthin' u-girl ufun' icici
Uthand'umhlango uselitshini
Iqolo lami lixhak'umshini kodwa ngiyabona lifun'iskhwelamthini

[Chorus: Xowla, Siya Ntuli, Xowla & Siya Ntuli]
Aw'yithi dear my lover, nans'incwadi ivela kimi yeah yeah, yeah (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi) (Aw' dear weh sweetheart)
Aw'yithi dear my lover (Nans'incwadi ivela kimi)
[Outro: Big Zulu]
Lovey, ng'thumel' umyalezo
Lovey, uwufumen' umyalezo?
Sthandwa sam' ngithi uwutholil' umyalezo
Dali wami we, uwufumen' umyalezo na?